Thula salukazi iNkosi ikhona
isiZulu poem by: Bheki MnyathiTheme: Hope
Thula salukazi sam' inkosi ikhona,
Thul' uThix' uzokusiza,
Thul' amathong' azosilamulela,
Thul' uMvelinqang' uzosihawukela.
Namhlanje ngezimvu zakh' usungumkhunkuli,
Owawubakhulisa namhlanje bayakusola,
Owawubancelisa bakulethel' izithakazi,
Thul' salukaz' uThix' uzokusiza.
Okwamanqe balind' ukuwa kwakho,
Ukuze bame phezu kwakho bandis' indaba,
Baseng' ezimithiyo bagwilike ngawe,
Thula salukazi sami iNkosi ikhona.